top of page
Mzikayise Ndlovu

Owayefisa ukuba ngumculi usengummbazi.


UChristopher Nzuza odabuka eThekwini, kwaMashu ePoly Clinic. Uzalwa uNkz. Zibuye E-unice Nzuza. Ngesikhathi enengxoxo nephephandaba iRise Africans Newspaper, uthe ekhula wayezibona engumculi kodwa lelophupho lagcina lishabalele,njengoba manje esengummbazi wezingqoko.


“Okungifaka ungqozi ngalo msebenzi impilo nokusizwa uNkulunkulu. Lo msebenzi angikaze ngawufundela. Ngifundiswe nguMdali njengoba phela nemisebenzi ingekho kwelakithi,” usho kanje.



Uthe lo msebenzi wokubaza izingqoko, uwuqale maphakathi nonyaka wezi-2022. Uveze nokuthi unekhono lokufundisa njengoba eke wavela esikhungweni semfundo ephakeme e-UKZN enza izifundo zobuthishela kodwa wangakwazi ukuziqeda ngenxa yokushoda koxhaso lwemali.


“Uma kuke kwalunga indawo yami yokusebenzela ngizibona ngiya kude nalo msebenzi wepulangwe. Ngifisa ukugcina sengifundisa nabanye abantu abasha abanothando lokubaza. Abantu abafisa ukuxhumana nami bengakwazi ukuthi bangithole kulenombolo. 063 638 5620 kanti u facebook: Chris Sibusiso nzuza,email: nzuzasc.1970@gmail.com,” kuphetha uNzuza

2 views0 comments

コメント


bottom of page