top of page
Writer's picturePhuti Ramaphakela

Osewine izindondo eziningi u mum Patricia Mgqadi owaziwa ngelika Pat Nkonyeni wase Nyaka eBizana


1st Annual IMA AWARDS 2024. Osewine  izindondo eziningi u mum Pat Nkonyeni wase Nyaka eBizana usephinde waqopha umlando ngokuwina indondo ye Best Gospel of the year kwi IMA Awards e  Carto Manor eMkhumbani Hall next to Ridge View ngomhla ka 22 June 2024.

 

Sikhuluma naye u mum Pat uthe: “ lama Awards aqalwe ngo September ngumphathi wawo u Sakhie owaziwa kakhulu ngokucula i Gospel eThekwini”. I vision kakhe kuku promoter upcoming artists zikwazi ukuba ne profile enhle nokuthuthukisa amakhono azo. Ube sengena u mum Pat kulama Awards wa nominetwa kwi Best Gospel of the year. Unxuse abantu ukuthi bamsize ngokumgotela kuzo zonke izindawo akwaze ukufinyelela kuzona.

 

U mum Pat ukwazile nokungena kwi Intokozo Fm wenza interview ngayo i IMA AWARDS.  Ama artist amaningi ahlala phansi nama albums awo futhi amanye engenayo nemali yokwenza ne album ngenxa yokuswela imali nomsebenzi kude kungenwe otshwaleni nakwizi dakamizwa ngaske angenelele uRhulumende ukusiza ama artist oMzansi Afrika ngemisebenzi nangokuxhasa ngakho konke okuyizidingo zawo.

 

Usesebenzisene  nama artist amaningi lo mama ezama ukuwa promoter kwazise ke naye akathathi ntweni. Kulowo nalowo onganozwelo ucela ukuxhaswa ngobuxhakaxhaka Boku recorder ukuze ama artist asafufusa akwazi uku recorder mahaala nezingani ezisencani zikhule zinento eziyenzayo ukugwema ukungena kwizidakamizwa, ukunshonsha, nokwenza zonke izinto zokwaphula umthetho. Lo mama lona  usebuye waqokwa Kuma TATA AWARDS eLusikisiki wangenela i Best Promising artist of the year ne Best Song of the year.

 

1st Annual TATA AWARDS izobe ingomhla ka 20 July 2024 uzimisele ukubuya nawo futhi lama Awards ngendlela anabalandeli ngayo abamvotelayo. Ebonga kwi IMA Awards uthi ucela uNkulunkulu ehlise intsikelelo kubona kuvuleke yonke iminyango yezezimali ukuze uSakhi akwazi ukuphumelela kumsebenzi awuphathiswe uNkulunkulu

7 views0 comments

Comentários


bottom of page